QAPHELA!
Leli khasi le-web liphethwe kuma-server aphephile e-EthicsPoint futhi aliyona ingxenye ye-website noma ye-intranet ye Buckman.
Buckman logo
 
 
KwaBuckman, inhloso nomgomo wethu ukwakha isisekelo esiqinile kubathengi bethu. Izisekelo-ngqangi zaseBuckman: Umhlahlandlela Wokuziphatha, Isitantimendi Sezinga Eliivumelekile, Isitatimende Sokuphepha, Istatimende Sezemvelo yizimiso ezisemqoka esihambisa ngazo inkampani yethu esebenza ngazo ukuphumelelisa kuMgomo wethu.
Kulezi ziSekelo-ngqangi zaseBuckman isingaphezu kwazo zonke, Umhlahlandlela Wokuziphatha. Umhlahlandlela Wokuziphatha ngumongo wosiko lwethu – futhi iyilokho esiyikona njengeNkampani. Enye-nenye yezinkampani esisebenzisana nazo umhlaba wonke ikholelwa eMhlahlandleleni ofanayo Wokuziphatha. Phinda ubheka uMhlahlandlela wethu Wokuziphatha.
Yingokuphila kuphela imigomo etholakala kwiziSekelo-ngqangi zakwaBuckman lapho singaqinisekisa abathengi bethu ukuthi siyinkampani enenkambo evumelekile, nengaxazulula zonke izinkinga zabantu ngendlela eqotho.
EthicsPoint logo
Ucingo Losizo LwakwaBuckman
I-Buckman Labolatories zihlanganyele nomhlahlandlela wokuziphatha ukukunikeza ezinye izindlela zokubhekana nomphathi (umanenja), abasebenzi noma abanye omanenja abaphezulu mayelana nokwenzeka noma ukuziphatha okholelwa ukuthi akunabulungiswa, akukho emthethweni, kuphikisana nomhlahlandlela wokuziphatha noma okuletha ukungabazisa ekuzibopheleleni kwethu ezimiselweni zakaBuckman. Njenganjalo sikugqugquzelela ukuthi uqikelele ukusebenzisa ithuba lomthetho womnyango ovulekile wakwaBuckman. Nakuba-kunjalo, siqondisisa ukubaluleka kwesidingo sokuthi abalingani bethu babike izimvo zabo bengaziwa futhi ngokufihlekile. Lesisidingo sihlangatshezwa yi-Ethicspoint.

Kanti futhi silindele abalingani bethu babike ngomoya omuhle izinto ezibambekayo nezikhathazayo. Yonke imibiko elethiwe izobhekisiswa ngokucophelela bese iyalandelelwa. Uma ukhetha ukungazisho igama lakho, isicelo sakho sokuhlala ungaziwa sohlonishwa. Umbiko wakho uzonikezwa inombolo ekhethekileyo neyimfihlo, ukuze ukuxhumana okuyimfihlo ngokulandelela nangemibuzo kuqhubeke. Ucelwa ukuba uhlole ngokungena kwi-website noma ufonele inombolo yamahhala ngaphambi kwezinsuku zokusebenza ezinhlanu (5) ukuze uthole impendulo noma unikeze olunye ulwazi, uma kudingeka.

Ungafaka umbiko kule saythi etholakala ngekhasi lewebhu lakwaBuckman noma nge-inthanethi yangaphakathi yakwaBuckman, noma ngokuxhumana ne-Ethicspoint mahhama ku 866-294-9556 noma uthole izwe lakho ohlwini lezingcingo lwamazwe ngamazwe.

Abalingani beBuckman ngeke kuphindiselwe kubona noma bajeziswe nganoma iyiphi indlela ngokubika noma ngokubuza ngokwethembeka ngokwephulwa komthetho okungenzeka.

 

Yokulandela Umbiko:
Cindezela lapha: Ngena

Ukwenza Umbiko:
Fonela inombolo yethu esheshayo yamahhala noma nge-website:
YoCingo
  I-United States ne-Canada
Kulayini wangaphandle dayela 866-294-9556
  Imiyalelo Yokudayela Yamahhala Yamazwe Ngamazwe
Website
  1. Khetha iZwe lapho mayelana nendawo oyibikayo.
  2. Khetha iZwe lapho kwenzeke khona ukwephulwa komthetho.
  3. Cindezela inkinobho ethi "Qhubeka" ngezansi ukuqhubeka.
     
     

Buckman Building





Copyright © 2000-2007 EthicsPoint, Inc. All Rights Reserved.